Ingabe iziguli zakho zisengozini enkulu yokugula kakhulu ngenxa ye-COVID-19? 

Siphenya i-ibuzatrelvir, umuthi olwa namagciwane othathwa ngomlomo, ezigulini ezingabantu abadala nentsha abane-COVID-19 abasengozini enkulu. 

Kubantu abaningi, ukuphathwa i-COVID-19 namanje kusengaba nethonya elibi kakhulu ekuphileni kwabo kwansuku zonke nasenhlalakahleni yabo.  

Nakuba izingcwanipho zezokwelapha ziye zabonisa ukuthi okunye ukwelashwa kwe-COVID-19 kubonise ukuncipha kwengcuphe yokulaliswa esibhedlela nokushona kweziguli ezisengozini enkulu yokuba nesifo esibi kakhulu,1 sisekhona isidingo sezinye izindlela zokwelashwa kwe-COVID-19 ezingadingi ukulaliswa esibhedlela, ezingenayo imikhawulo yokusebenzisa imithi, futhi ezingathathwa abantu okungenzeka abawona amakhandidethi wokunye ukwelashwa.

I-Pfizer ASPIRE-HR ucwaningo lwezokwelapha lwesigaba 3 oluhlola i-ibuzatrelvir ethathwa ngomlomo. 

Lolu cwaningo lwezokwelapha luhlola ukuphepha, ukusebenza, nokubekezeleleka kwe-ibuzatrelvir ethathwa ngomlomo uma kuqhathaniswa nomuthi-mbumbulu kubabambiqhaza babantu abadala nentsha abangalaliswanga esibhedlela, ababonisa izimpawu ze-COVID-19 futhi abasengozini enkulu yokugula nakakhulu. 

I-ibuzatrelvir ingase ikwazi ukuba ukwelashwa kwe-COVID-19 ezigulini ezingenazo izindlela eziningi zokwelashwa, uma ucwaningo lwezokwelapha luphumelela futhi umuthi osaphenywa ugunyazwa iziphathimandla.  

Buka le vidiyo ukuze ufunde kabanzi mayelana ne-ibuzatrelvir kanye nocwaningo lwezokwelashwa lwe-ASPIRE-HR: 

Ukufaneleka kombambiqhaza

Lolu cwaningo lwezokwelapha lubhalisa ababambiqhaza abangalaliswanga esibhedlela:  

  • Abangabantu abadala (18+) noma intsha (12+)
  • Abane-COVID-19 futhi ababe nezimpawu phakathi nezinsuku ezi-5 ezedlule
  • Abanezici zokuba sengozini yokugula kakhulu noma izinkinga ngenxa ye-COVID-19, okuhlanganisa:
    • I-BMI ≥30 kg/m2
    • Ukubhema
    • Isifo samaphaphu esingumahlalekhona
    • Isifuba somoya esidinga ukwelashwa kwansuku zonke okunikezwe ngudokotela
    • Isifo senhliziyo
    • Isifo sikashukela Sohlobo 1 noma Uhlobo 2
    • Ukungasebenzi kahle kwezinso okungekubi kakhulu kuya kokusesilinganisweni
    • Izifo zokuthuthukiswa kwezinzwa
    • Isifo se-sickle cell
    • Ukucindezeleka kwamasosha omzimba okusesilinganisweni
  • Abangase bangakwazi noma abangazimisele ukuthatha ukwelashwa kwe-COVID-19 okugunyaziwe okwamanje
  • Abazange bathole umgomo we-COVID-19 ezinyangeni ezi-4 ezedlule

Izimfuneko ezengeziwe ziyasebenza. Abaphenyi Abayinhloko kuphela abanganquma ukufaneleka.   

Mayelana nocwaningo lophenyo

Ababambiqhaza abafanelekayo bazofakwa ngokungahleliwe 1:1 ukuthola i-ibuzatrelvir ethathwa ngomlomo noma umuthi-mbumbulu kabili ngosuku izinsuku ezi-5 (ingqikithi yemithamo eyi-10). Ababambiqhaza bangase futhi bathole ukwelashwa okuvunyelwe kokunakekelwa okuvamile kwe-COVID-19. 

Ababambiqhaza bazoba socwaningweni cishe amaviki angama-24, okuhlanganisa ukuhlungwa, ukwelashwa, nokulandelelwa. Kuzodingeka ukuthi ababambiqhaza bahambele okungenani ama-aphoyintimenti ayi-12, okunye kwawo kungase kwenziwe ngocingo.   

Ayikho indleko yokubamba iqhaza, futhi awudingekile umshwalense wezempilo. Ababambiqhaza bazothola isinxephezelo sokwenza yonke imisebenzi yocwaningo lwezokwelapha. 

Ndawonye, singenza umehluko.

Ngokuvamile abantu bazi ngezingcwaningo zezokwelapha ngabahlinzeki babo bokunakekelwa kwezempilo. Siyakwazisa ukuzipha isikhathi sokuxoxa neziguli zakho kanye nabathandekayo bazo abangase babe nesithakazelo ekubeni negalelo ocwaningweni.  

Uma kwenzeka iziguli zakho zihlanganyela kulolu cwaningo lwezokwelapha, zizokwazi ukuhlala ngaphansi kokunakekelwa kwakho kwezokwelapha mayelana nazo zonke ezinye izidingo ezingahlobene nocwaningo. 

Siyabonga ngokucabangela iziguli zakho ukungenela lolu cwaningo lwezokwelapha olubaluleke kakhulu.   

Ibuzatrelvir indlela esebenza ngayo

I-ibuzatrelvir isithiyo esikhethiwe se-severe acute respiratory syndrome coronavirus 2 (SARS-CoV-2) main protease (Mpro), i-enzyme efakwe igciwane elibaluleke kakhulu kumjikelezo wokuziphindaphinda we-SARS-CoV-2.

Ezingcwaningweni zezokwelapha zangaphambilini, kwatholakala ukuthi i-ibuzatrelvir inciphisa amazinga we-RNA yegciwane le-SARS-CoV-2 ezigulini ezine-COVID-19 ngokuvimbela ukuziphindaphinda kwegciwane.2 Izingcwaningo zangaphambilini zibonisa ukuthi ukuvinjelwa kokuziphindaphinda kwegciwane kungase kuhlobane nemiphumela yezokwelapha emihle okuhlanganisa ukugwema ukuqhubeka kwesifo kanye nokuncipha kwamanani okulaliswa esibhedlela nokufa.3, 4

Ngaphezu kwalokho, sicwaninga ukuthi amandla aphansi we-ibuzatrelvir wokuhlangana neminye imithi angazizuzisa yini iziguli ezisebenzisa eminye imithi ngenxa yezinye izifo zezempilo. 

I-ibuzatrelvir isaphenywa futhi ayikakagunyazwa iziphathimandla zezempilo.

Ingabe unazo iziguli ezine-COVID-19 ozinakekelayo?

Ukuze ufunde kabanzi Ngezingcwanigo Zezokwelashwa Zokulwa Negicwane Le-COVID-19 Ze-Pfizer nendlela yokudlulisela iziguli ezingase zifaneleke, sicela ugcwalise ifomu lokuxhumana futhi ilungu le-Pfizer lizoxhumana nawe.  

Siyabonga ngokucabangela iziguli zakho Izingcwaningo Zokwelashwa Zokulwa Negciwane Le-COVID-19 Ze-Pfizer. 

Isitholi sesikhungo

Thola isikhungo socwaningo lwe-ASPIRE-HR esiseduze nawe 

The ASPIRE-HR clinical trial is taking place in multiple countries worldwide. 

Ucwaningo lwezokwelashwa lwe-ASPIRE-hr luqhutshwa emazweni amaningi emhlabeni wonke. 

      Amareferensi

      1. Izikhungo Zokulawula Nokugwema Izifo. Ukunakekelwa Kwezokwelashwa Kweziguli Ezingalaliswa Esibhedlela Ezine-COVID-19. CDC. Ishicilelwe ngomhla ka-20 Disemba 2024. Ivulwe ngomhla ka-28 Mashi 2025. 

      2. Ucwaningo Lokuhlola Umthelela Nokuphepha Komuthi Wocwaningo I-PF-07817883 Kubantu Abadala Abanezimpawu Ze-COVID-19 KODWA ABANGALALISWANGA ESIBHEDLELA ClinicalTrials.gov identifier: NCT05799495. Ibuyekezwe ngomhla ka-9 Okthoba 2024. Ivulwe ngomhla ka-6 Mashi 2025.

      3. Ukuhlola Ukuvimbela I-Protease Ye-COVID-19 Ezigulini Ezingeyona Ingozi Enkulu (EPIC-SR). ClinicalTrials.gov identifier: NCT05011513. Ibuyekezwe ngomhla ka-14 Agasti 2023. Ivulwe ngomhla ka-13 Mashi 2025.

      4. EPIC-HR: Ucwaningo Lwe-PF-07321332/​Ritonavir Ethathwa Ngomlomo Uma Kuqhathaniswa Nomuthi-Mbumbulu Kubantu Abadala Abane-COVID-19 Abasengozini Enkulu Abangalaliswanga Esibhedlela. ClinicalTrials.gov identifier: NCT04960202. Ibuyekezwe ngomhla ka-9 Febhuwari 2023. Ivulwe ngomhla ka-13 Mashi 2025.